distinctionpass.com

Izinhlobo Zezindaba Nezimpawu Zazo IsiZulu Grade 10 – 12

Izinhlobo Zezindaba Nezimpawu Zazo IsiZulu Grade 10 – 12

INDABA ELANDISAYO (Narrative essay Examples)

Kule ndaba ulindeleke ukuba uxoxe ngesigameko esake senzaka kuwe, oke wasibona senzeka komunye noma owaxoxelwa ngaso. Kuyenzeka ubhale indaba oyisusela ekhanda. Lokho siyakuthola kwenzeka kakhulu kubafundi (ezikoleni). Kubalulekile ukuba ubhale indaba oyisusela ekhanda kube yindaba ekholakalayo. Sebenzisa inkathi edlule uma uxoxa indaba.

Kumele umfundi acabange ngalokhu okulandelayo lapho ebhala indaba elandayo:

  • Isigaba esiyisingeniso kufanele sibe sifushane sihehe ngokwethula indaba ngamafuphi.
  • Indaba elandisayo kufanele ikholakale nakuba kungeyokuziqambela.
  • Umuntu ofunda le ndaba kufanele ahlale elangazelele ukuzwa okulandelayo kuze kube sekugcineni.
  • Ukulanda okuyimpumelelo kugqamisa ngokusobala imizwa, efana neyokubona, eyokuzwa, eyokunambitha, eyokuhogela naleyo yokuthinta.
  • Indaba enesiphetho esingajwayelekile iba nesasasa kunaleyo enesiphetho esisobala futhi esilindelekile.

Ukube Ngangazi Ngabe… (Narrative Essay Topic)

Ukube ngangazi ngabe angivumelanga ukuhluthuka kwenhliziyo ngize ngenze into enje. Kuthe mhla zingama- 20 kuNhlangulana ngonyaka wezi-2020 ngangizihlalele endlini yokufundela engasesandleni sokunxele uma ungena ngesango elingenela eNyuvesi yakwaZulu. Kwakhala ucingo olwaluqhamuka ekhaya lungibikela ngokugula kukamama ongizalayo intombi yaseMaChunwinini okungaqondakali.

Ngezwa kuduma ikhanda kwaba sengathi ngilele ngiyaphupha. Kwaba nzima ngalolo suku ngoba ngangingenayo ngisho indibilishi yokugibela ibhasi elibheke eMatuba ngangizolikhokhela ngoThoko yini. Ngezwa kuxega amadolo, ngafikelwa yinzululwane, ngavele ngahlala phansi. Ngazama ukuthatha umakhalekhukhwini wokushayela uBheka umngani wami owayesavakashele ngasedolobheni eMpangeni. Phela lapha eNyuvesi ngenye indawo. Umuntu wenza lokho athanda ukukwenza ngesikhathi asithandayo angakhuzwa muntu. Nami ngangizama ukufunda ngoba ngiqhutshwa yilezi zindlu zasekhaya ezigcwele igceke okwakusafanele ngizilungise.

Ngenhlanhla uBheka wabe esebambe itekisi elibuyayo ngenkathi ethola ucingo lwami. Yayisizofika emasangweni enyuvesi itekisi wehla maqede wanikela lapho engabe ngihlezi khona. Ngamlandisa ngocingo oluvela ekhaya wabe esenginikeza imadlana yokugcina eyayisele ngenkathi ethenga edolobheni. Ngasukuma

Microsoft Word – IsiZulu 17:11.docx

ngaqoqa izintwana engangizozidinga amabombo ngawabhekisa esiteshini eMpangeni nokuyilapho okugitshelwa khona amatekisi namabhasi. Ngenhlanhla ngalithola ibhasi lokugcina elibhalwe ukuthi Zungu Motor Service, leli yibhasi elalihamba lize liyolala kwaNongoma. Lashosholoza njalo ledlula eNseleni laze liyodlula kwaMbonambi. Kwathi kushaya ihora lesi-6 ntambama labe lingena edolobheni eMtuba.

Ngacela umshayeli ukuthi angishiye emgwaqeni omkhulu ngoba kwase kuhlwile ngingeke ngisazithola izimoto ezidlula eNkodibe zilibhekise ngaseMayini yamalahle. Umuzi wakithi wakhe eMachibini ngaphansi kwentaba iThokazi. Ngehla, ngalibashuza ngezinyawo ngaba nenhlanhla yokuthola iveni elalivuleke phezulu elangehlisa ngaphansi kwentaba. Ngawela umfula owawunamanzi angemaningi kakhulu kwazise belikade liyidliva imvula. Ngathi nje ngisaqala intaba leyo ngethuswa ukuqhuma kwesililo okwezwakala maqedane kwabanda kwamancane. Ngase ngizihudula nangenkathi ngizama ukuhamba ngisheshe sekuxega namadolo.

Angivunyelwanga ukungena endlini lapho ayeselele khona okaMacingwane. Ngadonswa ngubabekazi wangihola njalo wayongifaka elawini lami. Ngasikhihla esikaNandi ngomama ongasezukungibona sengigqoka ijazi lemfundo. Bangilandisa ukuthi umama kade esenenkinga yokuphefumula ekhala ngekhanda ejuluka ekhishwa nayisisu. Ubengasakuthandisisi ukudla ethi kumnukela kabi kuvele kuthi akabuyise. Babemzama ngokumbilisela umsuzwane. Amazwi akhe okugcina wabiza uMaNtombela okungumakhelwane wethu oyinesi esibhedlela kwaHlabisa kwaba ukuphangalala kwakhe njalo.

Ngenkathi kusuka isidumo umndeni wonke wathi mbo endlini lapho kushonele khona umama. Babezigingqa phansi naphezu kwakhe umta kaMaCingwane. Pho wayesabona yini ngoba wayesehambile. Lathi lishona elangakusasa base bebika imiphimbo ebuhlungu namakhanda aqaqambayo bonke lapha ekhaya. Kwaqala uthunjana wakwethu wajuluka wancisheka umoya akwabe kusaphefumuleka, sabathe siyazama kwanhlanga zimuka nomoya. Kwafika i-ambulensi ngemuva kwendaba wayesehambile emhlabeni umtakababa. Ayihambanga ilambatha yayisithwele amalunga omndeni ayesezibhonqa.

Ngakhumbula ukuthi kuthiwa umama ubize uMaNtombela okungumakhelwane wethu. Ngalinda lashona maqedane ngawokhela ngomlilo umuzi wonke akusindanga noyedwa. Njengoba ngiseselini nje, ngidonsa iminyaka engamashumi amathathu. Sengibona ezindabeni ukuthi umndeni wakithi kutholakale ukuthi ubhuqabhuqwe yigciwane le khorona ngemuva kokwenziwa kocwaningo lwezidumbu.

INDABA ECHAZAYO (Descriptive essay)

Kule ndaba, mfundi chaza isimo esithile, umuntu othile noma indawo ethile. Njengoba isihloko sisho, kumele usebenzise amagama achazayo kule ndaba. Ngale kwalokho usebenzisa kakhulu inkathi yamanje.

Mfundi cabanga ngalokhu okulandelayo lapho ubhala indaba echazayo:

  • Qikelele ukuthi ukhetha isihloko osazi kahle. Isizathu ukuthi kulukhuni ukuchaza into ungenalo ulwazi oluphelele ngayo.
  • Khetha ngokucophelela amagama nezimo zokukhuluma.
  • Amagama asetshenziswa awakhe isithombe esikhanya bha.
  • Ungasebenzisa imifanekisomqondo yokubona, yokuhogela, yokuzwa, yokunambitha kanye neyokuthinta ukuze ikulekelele ukwenza okuchazayo kukhanye bha.

Isibonelo sendaba echazayo

Umyalelo Bhala indaba ngesihloko esithi: Impumelelo Ilele Ekubambisaneni

Amalungiselelo: Isingeniso: Amasongo akhala emabili Umzimba:

  • Kuhlonishwana kabili.
  • Ibaluleke ngani inhlonipho?
  • Ukubambisana kubafundi nothisha.
  • Ukubambisana kubafundi nabazali.
  • Ukubambisana kwesikole nesigungu saso.
  • Ukubambisana kwesikole nomphakathi wonke. Isiphetho: isikole esiphumelelayo yileso esinokubambisano.

Amasongo Akhala Emabili Kule ndaba ngizochaza ngobuhle bokubambisana nokusebenzisana kahle ukuze kube nempumelelo. Izandla ziyagezana, okukhomba lona njalo ubambiswano. Lokhu ngizokubhekisa kakhulu ezikoleni eziphumelelayo. Woza nendlebe ngize nendaba.

IsiZulu sithi kuhlonishwana kabili, umfundi kufanele amazise uthisha njengomsiza wakhe ezifundweni nasenhlalweni nje. Esikoleni abafundi kumele babe ngabafundi ngokuphelele futhi kungangabazeki lokho. Uthisha naye akafundise abambisane nabafundi ngokuphelele. Ukubambisana phakathi kukathisha nomfundi akungabazisi ukuthi kungathela izithelo ezinhle. Kubalulekile ukuthi umfundi nothisha babambisane emfundweni futhi bazimisele ngeqhaza abalibambile.

Abafundi bebodwa nabo kumele babambisane ekufundeni. Ukuhloniphana kwabo bebodwa kwenza ukuthi babe nokwazisana nokwethembana. Ukwazisana kuholela ekuthini balekelelane, ekufundeni kwabo. Babambisana njengamalunga omndeni, kungabi bikho obukela omunye phansi. Esikoleni yilapho kufanele khona ukuthi kukhuthazwe ukubambisana nokwazisana ngoba phela isiZulu sithi libunjwa liseva. Uma umuntu engafundanga ukubambisana nokusizana nabanye esemncane, kuba bukhuni satshe uma kuthiwa akenze njalo esemdala.

Singebashiye ngaphandle abazali ngoba nabo baneqhaza elikhulu entuthukweni yesikole. Abafundi basuka kubazali beya esikoleni. Abazali banethemba elikhulu lokuthi abantwana babo bangenza okungcono ukukhuphula izinga lempilo yabo. Kufanele abazali bazi ukuthi nabo baneqhaza elikhulu okufanele balibambe ekuphumeleleni kwezingane zabo. Abangabeki lonke ithemba labo kothisha. Kepha kufanela babambisane nothisha kanye nezingane zabo. Abazali kumele balandelele ukuthi izingane ziwenza kahle yini umsebenzi wesikole. Abanye abazali bayakwazi nokulekelela umfundi ekukhetheni umkhakha okufanele awufundele ngokubheka amakhono umfundi anawo.

Ukubambisana kwesikole nesigungu sesikole kusiza kakhulu ekusithuthukiseni isikole kuyo yonke imikhakha. Isikole esinesigungu esisinakayo siba namagumbi okufundela enele, izinsizakufunda ezenele, ukuvikeleka okufanele, kwesinye isikhathi size sibheke nokuthi othisha benele na. Uma kunesidingo kuze kuqashwe uthisha ozobambisa, ngoba bekhathalela isikole, nokuthi kungabi bikho izingane ezizohlala zingafundi. Uthishanhloko uyena odala ukubambisana phakathi kwesikole nesigungu sesikole. Lokhu kwenza ukuthi kube khona ukuxhumana okuhle esikoleni kusuka kuthishanhloko, othisha nabafundi.

Othisha nabo kumele bazinike ithuba lokuxoxisana nabazali babafundi. Lokho kubambisana kwabo bobabili kuyasiza ngoba bagcina sebemazi kangcono umfundi. Uthisha uthola zonke izingqinamba umfundi abhekene nazo. Kanjalo nomzali uyazithola izingqinamba ezibhekene nengane yakhe esikoleni. Lokhu kugcina kubasiza ekutholeni isisombululo sezinkinga abanazo ngomfundi. Leso sisombululo futhi asimcindezeli umfundi.

Umphakathi owakhele isikole nawo ubalulekile ngoba noma ungashongo lutho kodwa uneso elibanzi esikoleni. Ake ucabange nje isikole esisepulazini kodwa singasifundisi isifundo sezolimo. Lokho kungasho ukuthi izingane zaleyo ndawo angeke zikwazi ukuthuthukisa ezolimo ekubeni zibe ziphila ngakho ukulima. Umphakathi ubhekelela ukuthi othisha bangahlukumezeki. Umphakathi uyaziqhenya ngesikole sasendaweni uma senza kahle, ikakhulukazi uma sinemiphumela emihle. Amalunga omphakathi angomacaphuna kusale awenqeni ukuthi anikele ngemali ukuxhasa isikole esisebenza kahle.

Impumelelo yesikole iba sekubambisaneni kwazo zonke izinhlaka ezisesikoleni. Ukubambisana yikhona okuchumisa isikole. (Amagama =390)

INDABA ENINGAYO NOMA ECABANGISISAYO (Reflective essay)

Kule ndaba ucabanga ngombono ubuye unikeze impendulo yakho. Kumele ujeqeze emuva esigamekweni esike senzeka. Beka imibono yakho ngokwenzekile, acacise okuhle namaphutha bese wenza izincomo ngokuthi kufanele kwenziwe njani ukuguqula isimo salokho ngokuzwayo.

Beka uvo lwakho ngesihloko esithile. Akusho ukuthi akushoyo kuliqiniso kepha yilokho akucabangayo ngabantu, ngesintu noma ngempilo nje. Lokho akubekayo kuhle kusekelwe ngamaqiniso ukuze kungamdini lowo ozofunda indaba. Indaba enje ingaveza ukujula komqondo wombhali futhi abaningi bayithatha njengeqiniso langempela.

Mfundi nakhu okulindeleke kuwe uma ubhala indaba eningayo

  • Indaba eningayo yenganyelwa yinto noma abantu.
  • Imizwa nokuthatheka kwenhliziyo kubamba iqhaza elibalulekile kakhulu kule ndaba.
  • Ingxenye enkulu yendaba ingaba ngechazayo. Lokhu kuchaza kufanele kukhanye futhi kuveze imizwa kanye nenkumbulo yomlobi lowo.
  • Imibono/imicabango eveziwe kufanele yembule ubuqiniso kanye neqhaza elibanjwa umlobi. Isibonelo sesihloko sendaba eningayo/Ecabangisisayo: Ukukhuliswa Kwakhe Kube Nomthelela Wokuhlukumeza Abanye Abafundi Amalungiselelo Isingeniso: Indlela yokukhuliswa ingakwakha noma ikulimaze empilweni.
  • Ukukhuliswa okungenalo uthando nobuntu.
  • Umphumela wokungakhuliswa kahle.
  • Umthelela wokukhuliswa ngokungeyikho.

Okungenziwa ukuvuselela ubuntu nokuvikela abangenawo amandla.

INDABA EQHATHANISAYO (Discursive essay)

Le ndaba ihlobene kakhulu nendaba edaza inkani. Okufanayo ukuthi kuzo zombili lezi zinhlobo ubeka imibono yakho. Umehluko okhona ukuthi endabeni eqhathanisayo kulindeleke ukuba ubhale ngezinhlangothi zombili. Kulindeke ukuba uveze ubuhle kanye nobubi, ugxeke uphinde uncome lokho oxoxa ngakho. Okumnandi ngalolu hlobo lwendaba ukuthi ushiyela kumfundi wendaba ukuba azithathele yena isinqumo ukuthi yiluphi uhlangothi alibona lingcono kunolunye.

  • Veze izinhlangothi ezimbili eziqophisanayo ngokulandela, okungaba ububi kanye nobuhle bento ethile.
  • Yethula izinhlangothi ezimbili esingenisweni sendaba obhala ngayo.
  • Bhala ukuthi uzokwethula kanjani lokhu kuqophisana okuveze esingenisweni. Okujwayelekile ukuba usho ukuthi uzoqala ngamaphuzu avuna noma atusa lokho obhala ngakho kulandele ukuphikisa noma ugxeka lokho okhuluma ngakho.
  • Esiphethweni kulindeleke ukuthi wena ukhetha luphi uhlangothi kulezi zindaba.

Isibonelo sendaba eqhathanisayo

Ubuhle Nobungozi Bokuwina Imali Eningi Kakhulu.

Izimpendulo zingathinta amaphuzu alandelayo:

Isingeniso:

Ukuhlukana kwemibono yabantu

  • Ungakwazi ukuthenga yonke into oyifunayo noyidingayo.
  • Ungasiza umndeni kanye nabanye abantu.
  • Ungahlonishwa ngabanye abantu. Ubungozi:
  • Ungahlaselwa yizigebengu.
  • Ungaba nezitha eziningi.

Ungangakwazi ukuphila kahle nabanye abantu. (Nokunye okuhambisana nesihloko.)

Ukusonga indaba yakho ngamaphuzu ngemisho eqoqa yonke indaba. Ukuveza imibono nona iziyalo.

INDABA EDAZA INKANI (Argumentative essay)

Kule ndaba edaza inkani mfundi qala ngokukhetha uhlangothi ovumelana nalo esihlokweni obhala ngaso. Ungavumelana noma uphikisane nesihloko.

• Yethula esingenisweni uhlangothi olulodwa ozogxila kulo. Emzimbeni wendaba yenaba ngamaphuzu asekela uhlangothi olukhethile esingenisweni.

• Cacisa esiphethweni ohlangothini olukheni.

Isibonelo sendaba edaza inkani

Isifo Esingiphethe Siyimfihlo Yami

1. Amalungiselelo/ uhlaka (uma umfundi ephikisana nesihloko)

Isingeniso : Isethulo

Ukuphikisana nesihloko.

  • Ukufihla isifo esikuphethe kwenza ungakutholi ukwesekwa.
  • Ulahlekelwa usizo obungaluthola.
  • Ukugula kwakho kuba nomthelela kwabanye abantu.
  • Ukuqinisa abanye abagulayo. Isiphetho : Songa ngokugxeka ukufihla ukugula kwakho.

Looking for something specific?

Did you see these.

  • Ingxoxo / Inkulumo Mpendulwano IsiZulu (Isibonelo)

Leave a comment Cancel reply

Save my name, email, and website in this browser for the next time I comment.

Study Exam Papers

IsiZulu HL FAL Grade 10 Past Papers

On this page you will find IsiZulu Language Grade 10 past papers for exams, tests, assignments, revision notes, and worksheets for CAPS Curriculum:

Find More Past Papers for Other Grades

Grade 12 Past Papers | Grade 11 Past Papers | Grade 10 Past Papers | Grade 9 Past Papers | Grade 8 Past Papers | Grade 7 Past Papers | Grade 6 Past Papers | Grade 5 Past Papers | Grade 4 Past Papers | Grade 3 Past Papers | Grade 2 Past Papers | Grade 1 Past Papers | Grade R Past Papers

Tell us what papers you are looking for, how we can help you regarding exam questions or simply submit your question papers so that we can help more learners for free

Other Trusted Sources For Past Papers and Notes

  • EC Exams - All Grades
  • Department of Education - Grade 12 Past Papers
  • WCED ePortal - Grade 12 Past Papers
  • Test Papers - All Grades
  • Stanmore Physics - Most High School Subjects
  • Advantage Learn - Grade 12

Leave a Comment Cancel reply

Save my name, email, and website in this browser for the next time I comment.

Career Times

Latest IsiZulu Home Language Grade 10 Past Papers, Memos, and Study Guides

Download Free Latest IsiZulu Home Language Grade 10 Past Papers , Memos, and Study Guides (pdf). Essays Topics are also available for some subjects. Learning materials provided on this page are for all South African Provinces, such as Gauteng , Limpopo , Western Cape , Eastern Cape , Northern Cape , Kwazulu Natal , Mpumalanga , Free State , and North West Province.

There are also some IsiZulu Home Language Grade 10 Free Textbooks, Study Guides, and Revision Notes available for you to download. Past Papers and Memos date from 2021, 2020, 2019,2018, to 2017.

Important Career Resources

Did you know that you can get Grade 12 , Grade 11 , and Grade 10 on Career Times website? You can also find all 1000s of career choices to choose from. If you feel like you are ready for a job , you should visit the jobs section .

Download IsiZulu Home Language Grade 10 latest Past Papers, Memos, and Study Guides

Leave a comment cancel reply.

Save my name, email, and website in this browser for the next time I comment.

Self Study Guides  for Grade 10 - 12 (2010) Accounting Computer Applications Technology Life Sciences Laguages Self Study Guides for Grade 10 - 12 (2010) Afrikaans:    Creative and Transactional Writing English:       Creative and Transactional Writing isiXhosa:      Creative and Transactional Writing IsiZulu:         Creative and Transactional Writing Sepedi:        Creative and Transactional Writing Sesotho:      Creative and Transactional Writing Setswana:    Creative and Transactional Writing Tshivenda:    Creative and Transactional Writing Xitsonga:      Creative and Transactional Writing IsiSwati:       Creative and Transactional Writing IsiNdebele:    Creative and Transactional Writing

You are using an outdated browser. Please upgrade your browser or activate Google Chrome Frame to improve your experience.

WCED - eResources

NSC May/June 2024 ISIZULU FAL P3 Marking Guideline

This is IsiZulu First Additional Language Paper 3 Marking Guideline for National Senior Certificate...

NSC May/June 2024 ISIZULU FAL P2 Marking Guideline

This is IsiZulu First Additional Language Paper 2 Marking Guideline for National Senior Certificate...

NSC May/June 2024 ISIZULU FAL P1 Marking Guideline

This is IsiZulu First Additional Language Paper 1 Marking Guideline for National Senior Certificate...

NSC May/June 2024: isiZULU FAL P3

This is the NSC May/ June 2024 question paper for the supplementary National Senior Certificate...

NSC May/June 2024: isiZULU FAL P2

Nsc may/june 2024: isizulu fal p1, nsc nov/dec 2022 isizulu fal p1.

This is the IsiZulu FAL Paper 1 for the National Senior Certificate, November/December 2022. Grade...

NSC Nov/Dec 2022 IsiZulu FAL P3 Memo

This is the IsiZulu FAL Paper 3 Memo for the National Senior Certificate, November/December 2022....

NSC Nov/Dec 2022 IsiZulu FAL P3

This is the IsiZulu FAL Paper 3 for the National Senior Certificate, November/December 2022. Grade...

NSC Nov/Dec 2022 IsiZulu FAL P2 Memo

This is the IsiZulu FAL Paper 2 Memo for the National Senior Certificate, November/December 2022....

  • Showing: 1 - 10 of 25

Subscribe to RSS - isiZulu FAL

Do you have an educational app, video, ebook, course or eResource?

Contribute to the Western Cape Education Department's ePortal to make a difference.

isizulu essay topics grade 10

Home Contact us Terms of Use Privacy Policy Western Cape Government © 2024. All rights reserved.

isizulu essay topics grade 10

IMAGES

  1. Insika Advanced IsiZulu Workbook Gr 10

    isizulu essay topics grade 10

  2. Sekuyasa Nakithi Grade 10 isiZulu Workbook ISBN 9780639984520

    isizulu essay topics grade 10

  3. Isizulu Sethu Grade 10 Learner's Book

    isizulu essay topics grade 10

  4. Grade 10 TEXTBOOKS Learners Taking IsiZulu

    isizulu essay topics grade 10

  5. IsiZulu Paper 1 Grade 10 PDF: Tips for Effective Preparation

    isizulu essay topics grade 10

  6. Hluza Grade 10&11 (12

    isizulu essay topics grade 10

VIDEO

  1. XmAn

  2. Digital Storytelling in IsiZulu by Ntombi C : UNandi uya Esikileni

  3. GRADE 4 ISIZULU Essay Task preparation

  4. Izinombolo, Numbers 1

  5. IsiZulu Essay Writing| Grade 12| IsiZulu home language| IsiZulu First Additional Language and more

  6. (isiZulu): Grade 3, Lesson 1: Teaching young children to read and write for meaning

COMMENTS

  1. Ukubhala i-eseyi / Indaba: IsiZulu Grade 10

    Home; Subjects. Grade 12; Grade 11; Grade 10; Grade 9; Grade 8. Afrikaans Grade 8 Afrikaans Grade 8 Question Papers, Notes, and Study Guides: 2023, 2022, 2021, 2020: Hello, Afrikaans Grade 8 Learner. On this section you will find Afrikaans Grade 8 Revision Notes and Past Exam Papers, Controlled Test, Assessments, Examination Scope for Learners, Workbooks and Worksheets, Marking Guidelines for ...

  2. Izinhlobo Zezindaba Nezimpawu Zazo IsiZulu Grade 10

    Izinhlobo Zezindaba Nezimpawu Zazo IsiZulu Grade 10 - 12 INDABA ELANDISAYO (Narrative essay Examples) Kule ndaba ulindeleke ukuba uxoxe ngesigameko esake senzaka kuwe, oke wasibona senzeka komunye noma owaxoxelwa ngaso. Kuyenzeka ubhale indaba oyisusela ekhanda. Lokho siyakuthola kwenzeka kakhulu kubafundi (ezikoleni). Kubalulekile ukuba ubhale indaba oyisusela ekhanda kube yindaba ekholakalayo.

  3. 2022 DBE Self-study Guides Gr. 10

    Grade R Grade 1 Grade 2 Grade 3 Grade 4 Grade 5 Grade 6 Grade 7 Grade 8 Grade 9 Grade 10 ... 2022 DBE Self-study Guides Gr. 10 - 12 IsiZulu . Free . By. Department of Basic Education (DBE) Download. Type: pdf

  4. PDF ISIZULU

    3.4 Indaba edaza inkani 10 3.5 Indaba eqhathanisayo 11 3.6 Indaba eveza amaqiniso 13 . 4. Izinhlobo zemibhalo emide . 15 4.1 Izincwadi zobuhlobo 15 4.1.1 Incwadi yobungani 15 4.1.2 Incwadi yokukhalisa isihlobo/umngani 17 4.2 Izincwadi zebhizinisi 18 4.2.1 Incwadi yomsebenzi 18 4.2.2 Incwadi eyakuMhleli 19

  5. IsiZulu HL FAL Grade 10 Past Papers

    On this page you will find IsiZulu Language Grade 10 past papers for exams, tests, assignments, revision notes, and worksheets for CAPS Curriculum: ATP. 2021-ATP-Grade-10-ISIZULU-FAL.pdf Download. Find More Past Papers for Other Grades

  6. IsiZulu HL FAL Grade 10 Study Resources Collection

    These resources are designed to help students thoroughly prepare for their assessments, covering all key topics in the subject. Controlled Tests and Assessments: Access a variety of controlled tests and assessments, complete with detailed examination scopes. ... Ukubhala i-eseyi / Indaba: IsiZulu Grade 10 - 12 Essay Guide.

  7. PDF I Sizulu Ulimi Lwasekhaya (Hl) Iphepha Lesithathu (P3) Novemba 2017

    IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P3 6 DBE/Novemba 2017 NSC - Imemorandamu Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi . 1.6 1.6.1 Ohlolwayo makabukisise kahle isithombe bese enika indaba yakhe isihloko esihambisana nesithombe. Makungachazwa isithombe. Lesi sithombe singaba nomqondo osobala noma ojulile. Isib. sesihloko:

  8. Latest IsiZulu Home Language Grade 10 Past Papers, Memos, and Study

    Download Free Latest IsiZulu Home Language Grade 10 Past Papers, Memos, and Study Guides (pdf). Essays Topics are also available for some subjects. Learning materials provided on this page are for all South African Provinces, such as Gauteng, Limpopo, Western Cape, Eastern Cape, Northern Cape, Kwazulu Natal, Mpumalanga, Free State, and North West Province.

  9. PDF 3. Izinhlobo Zemibhalo Yokuziqambela

    8 UMHLAHLANDLELA WOKUZIFUNDELA UKUBHALA | ISIZULU . 3.3 Indaba eningayo noma ecabangisisayo Lena indaba lapho umbhali umbono wakhe abuye anikeze impendulo yakhe enganyelwe yimicabango kanye nemiz-wa. Le ndaba ijeqeza emuva esigamekweni esike senzeka. Umbhali-ke lapha ubeka imibono yakhe ngokwenzekile,

  10. PDF NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATION IBANGA LE-10

    Isizulu Iphepha Lokuqala P1 /HL 10 DoE/Pilot 2006 NSC Awuvunyelwe ukukopisha leli phepha UMBUZO 5 Fundisisa le mibiko engezansi emibili bese uphendula imibuzo elandelayo: 5.1 NGINOKWESABA Ngikhathazekile nge-HIV/AIDS eNingizimu Afrika. Ingane yami ineminyaka emithathu vo futhi izokhulela ezweni eline-AIDS.

  11. Self Study Guides for Grade 10

    Laguages Self Study Guides for Grade 10 - 12 (2010) Afrikaans: Creative and Transactional Writing English: Creative and Transactional Writing isiXhosa: Creative and Transactional Writing IsiZulu: Creative and Transactional Writing Sepedi: Creative and Transactional Writing

  12. Matric: IsiZulu

    Here is a collection of IsiZulu past examination papers, memorandums and other resources to help you prepare for your exams. ... IsiZulu study guides: Grade 12. 2020: Creative writing and critical language analysis (IsiZulu) Guideline for teaching and writing essays; IsiZulu Literature. Drama: Ubhuku Lwamanqe; Novel: Impi yabomdabu; Poetry: Uju ...

  13. How to write an essay of ISizulu

    Writing an Essay in isiZulu Writing an essay in isiZulu follows a similar structure to essays in other languages. Here are the basic steps to follow: Choose a Topic: Select a. Continue reading. Ask a new question ... Go to course. 110. 2023 Siyahluza - Siyaqeqesha -1. IsiZulu - Home Language - Mandatory 100% (23) 151. Hluza Grade 10&11 (12 ...

  14. IsiZulu Past Exam Papers (Grade 12, 11 & 10)

    This guide provides information about IsiZulu Past Exam Papers (Grade 12, 11 & 10) for 2019, 2018, 2017, 2016, 2015, 2014, 2013, 2012, 2011, 2010, 2009, 2008 and others in South Africa. Download IsiZulu Past Exam Papers (Grade 12, 11 & 10) in PDF with marking scheme. IsiZulu Past Exam Papers (Grade 12, 11 & 10) question papers with marking scheme issued by National Senior Certificate (NSC ...

  15. IsiZulu

    Practice exercises for Life processes in plants and animals Grade 10; Siyahluza 1st draft 2023 (3) Isi Zulu NSC HL P1 QP Nov 2023; ... Grade 10 Isizulu HL Control TEST 2024; Isizulu - Previous question paper; ... Essays. Date Rating. year. Ratings. 2023 Siyahluza - Siyaqeqesha -1. 110 pages. 2023/2024. 100% (22) 2023/2024 100% (22)

  16. IsiZulu Grade 10 Past Exam Papers and Memos pdf download

    The Grade 10 IsiZulu past Papers and Memorandum Pdf can be downloaded below. Past Year Exam Papers 2020. Nov P3 only Grade 10 IsiZulu past Papers and Memorandum Additional Resources. To help you prepare for your upcoming exam, we have also compiled a list of helpful IsiZulu Grade 10 past Papers and Memorandum Pdf resources.

  17. IsiZulu Home Language Grade 10 past papers, online lessons, and

    Evaluating The Impact Of Peer Pressure, As A Social Factor, On The Ability Of A Grade 12 Learner To Do Their School Activities February 20, 2024; 7 Ways How Grade 12 Learners Could Use Communication To Study Effectively February 20, 2024; Defining The Term, Innovative Entrepreneur In South African Context February 20, 2024

  18. inkulumo elungiselelwe grade 12 topics list of topics for zulu essays

    If your topic is not on the list let us know, we will update our topics. These are oral topics. Inkulumo elungiselelwe isibonelo lapha ngezansi uzothola izibonelo zenkulumo oyilungisele ukuyikhuluma ekilasini lapho laka grade 9, grade 10, grade 11 and grade 12. Izihloko zesizulu senkulumo elungiselwe. Izihlozo ezimnandi zesizulu ongaxoxa ngazo ...

  19. Eseyi / Essay Writing

    After this lesson you will know the following: Different types of essays, Narrative essay, Descriptive essay, Picture essay. you will know what is important under each type of subject and prepare to write an essay and the Structure of a well-written essay. Ngemuva kwalesi sifundo nizokwazi nakhu okulandelayo: Izinhlobo ezahlukene zama - eseyi , Indaba elandisayo , Indaba echazayo , Indaba ...

  20. isiZulu FAL

    Grade R Grade 1 Grade 2 Grade 3 Grade 4 Grade 5 Grade 6 Grade 7 Grade 8 Grade 9 Grade 10 Grade 11 Grade 12 BROADCASTS Online, Radio & TV